Frobits
🎵 A song made on Frobits

Dlulisa Bhuti

0:000:00
Download
Reply with a song
Lyrics

Bhuti
Nkosi thela umoya
Nkosi thela umusa kulomndeni..oo
Ubhuti omdala unomuzwa wokuthi njengoma singakhulanga ndawonye loko kusho ukuthi thina besiphethwe kahle...x2
Kithi sibaningi kakhulu futhi sihlukene ngobaba sonke. Ingakho singakhulanga ndawonye.
Sonke besingabantwana benyoka...x4
Mmmmmmmmmmm..x2
Ukhalaza njalo ngoba yena akazi ukuthi sonke besihlupheka njengaye, njengaye.
Imiphumela yokuzaleka kanje. Futhi ningahlali ndawonye nabazali iba nje. Noma ungazama kanjani ukuhlunganisa kodwa kofana nokuthi uyadlala cos omunye wazi ukuthi wena ubuthandwa.
Thela umoya ongcwele
Thela umusa wehlise umoya ongcwele baba
Akusizi ukukhalela ongeke ukwazi ukukulungisa. Sengizamile kakhulu kodwa akuzweli. Imiphumela yokuzaleka kanje injalo.
Ngicela siyeke manje ukusola abazali ngoba asiyazi imbangela.
Nkosi yipha amandla u Sabelo umenze athande futhi anakekele umndeni.
Ngithi bhuti xola Akusizi ukubambelela kosekwadlula..x2
Bhuti dlulisa impilo iqhubeke nezingane zamukele impilo. Akusizi ukuzonda umzali.
Ngithi dlulisa bhuti
Ngithi dlulisa bhuti
Mmmmmmmmmmm
Shhhhhhhhhhhhhhhh..x2

More songs by Hlekabemhlanganyela Listen to songs created by others
FROBITS