(Aweh! Sabelo, yoh!)
(Inyoni yandiza, kanti kwenzekani?)
(Eish, kuyaqhubeka)
Uma ngihlangana nawe mntanomuntu
Bewumsulwa ubukeka unothando
Ubathanda nabantu bakithi
Kodwa kanti uthi lala lulaza ngikwengule
Kanti uthi lala lulaza ngikwengule
Yandiza inyoni, yandiza inyoni
Namhlanje nyoni angisàkufanele
Yandiza inyoni, yandiza inyoni
Yangishiya phansi yona yahambela phezulu
Angithi phela inyoni (Yebo!)
Bewubukeka nje ukuthi udinga umuntu onothando
Ngomusa wakho wamthola
Angazi noma ngakunika uthando olu extra
Ngakufundisa, wabuyela eskoleni
Manje usuhamba phambili, inyoni yami
Yandiza inyoni, yandiza inyoni
Namhlanje nyoni angisàkufanele
Yandiza inyoni, yandiza inyoni
Yangishiya phansi yona yahambela phezulu
Angithi phela inyoni
Kodwa ngoba konke engakwenzela kona
Kwakusegameni lothando
Akunankinga ntinga nyoni ndini
Nakimi ngenye imini liyonetha
(Sho, impilo iyaqhubeka)
Nawe uyahlupha Sabelo
Ngokushesha wethembe
Kodwa konke kuhamba ngentando
Siyabonga Somandla, amen
Yandiza inyoni, phezulu nasezulwini
(Eish!)
Angisàkufanele, inyoni yami
(Sharp sharp, sizobonana)
(Amen!)