Frobits
🎵 A song made on Frobits

Isiqalekiso

0:000:00
Download
Reply with a song
Lyrics

Isiqalekiso
"Bazali bami,
Ngiyezwa kuthiwa benithandana ngeqiniso ngingekho,
Ngyezwa kuthiwa benenza konke ngothando Kukuhlekudelile" x2
Bazali,
Ngyezwa kuthiwa Uthando belugubha amagagasi ngingekho,
Nihlala nibambene, niqabulana nasesidlangalaleni kungendaba yamuntu kwazise phela nanigajwe uthando x2
Ngosuku okwavela ngalo ukuthi umama ukhulelwe Mina, ingxabano yenu yaqala lapho kuze kube manje.
Nanukelana iphunga lomzondo,
Naxabana kuze kube imanje nisaxabene futhi anibhekani.
Ngitsheleni, isiqalekiso kwaba yimi na ezimpilweni zenu
Ngitsheleni, isiqalekiso kwaba yimi na a a aaa. Ngitsheleni...x3
Nina nabanenhlanhla abazali benu abazange banitshinge emgqomeni nge condom,kepha bakhetha nina kunabo banikhulisa ndawonye ubaba nomama.
Ingabe kwaba isiqalekiso yini ukufika kwami emhlabeni.
Mina nangincisha inkululeko yokuba nabazali ababili, njengani oo o oo o
Ngiphenduleni ingabe ukufika kwami emhlabeni kwaba isiqalekiso yini kini.
Umile umbuzo u Sabelo uyabuza. Ingabe kwaba isiqalekiso yini ukufika kwami ezimpilweni zenu.
Ingabe yimi yini owazikhethela nina.
Njengoba ngihlukumezeka nje.
Nganenzani Bazali bami to deserve this...x2

More songs by Hlekabemhlanganyela Listen to songs created by others
FROBITS