Umuzi wami
Umuzi wami owwami
Ngithi umuzi wami ikhaya labantwana bami. Ubuhle bawo busho ubuhle bukababa.
Bukanje ubuhle bomuzi wami. Umuzi kababa. Umuzi wokhokho
Wokhoooookho
Ungezi nomuthi
Ungezi nenzondo. Ungezi nobandlululo emzini wami.
Ngoba kwami kusekuphumuleni. Ko Mangethe.
Mawusekhaya emzini wami. Emzini kababa. Emzini wokhokho, khululeka yidla usuthe.
Ngyacela bantwana bami umuntu ongena ekhaya akumele aphume engadlile. Lowo umgomo wakithi. ...x3
Ikhaya ikhaya kumele libe nenjabulo. Hhayi inkantolo.
Mkami awuyi endlini yokulala ningakhulumisani nomyeni wakho ngoba kusekhaya.
Ikhaya ikhaya mkami. Hlonipha ikhaya.
Ikhayalabo khokho
Oooooohhhh e e e ee