Frobits
🎵 A song made on Frobits

Uthando Uhambo (Remix)

0:000:00
Download
Reply with a song
Lyrics

Uthando uhambo
Wozani bantwana bami, hlalani phansi nginixoxele ngothando ukuze ningahambi nifuna Uthando nalapho lungekho khona.
Mmmmmmmmmmmmm
Uthando bantwana bami olumsulwa olungefaniswe nalutho uyoluthola kubazali bakho kuphela...x2
Abazali bakho kuphela abayokunika Uthando olungenambandela. Futhi yibo abayokufisela ukuthi wena ubengaphezu kwabo ngempumelelo.
Isoka mntanam angeke lifise ukuthi uphumelele ube ngaphezu kwalo. Kunaloko liyokufisela ukuthi uhlezi ukhosiza kulo uze ufe.
Mmmmmmmmmmmmm
I ntombi angeke ikufisele ukuthi uphumelele mfanawami ube ngaphezu kwayo.
Ngisho isihlobo sakho segazi angeke. Umfowenu angeke. U sisi wakho angeke kodwa umzali wakho kuphela.
Uthando mntanam lweqiniso uyoluthola kubazali bakho kuphela...x2
Funda. Khula uhloniphe Abazali bakho. Ulalele iziyalo zabo. Empeleni uthando uhambo..
Uthando ulufunda kusuka uzelwe uze uyofa.
Shhhhhhhh o oooo

More songs by Hlekabemhlanganyela Listen to songs created by others
FROBITS